Share

Ungumfazi ophelele uMandisa kaSenzo

Durban - Njengomuntu omdala ngithe ngizokhuluma selwehlile ulaka loquqaba olukade lukhuluma ngoba lufuna ukubukwa.

Mandisa ngane yakwethu okukwehlele kubuhlungu futhi akukho okungalinganiswa nakho. Ngiyacabanga wabuzwa ubuhlungu ngesikhathi uSenzo eqala ekubhanqa noKelly Khumalo, epepenyeka naye bebukwa, kodwa akubanga kubi  kangako ngoba wawazi ukuthi usazoqhubeka nokumbona kungenjalo wahlalela ethembeni lokuthi ngelinya ilanga uyobuya anake wena kakhulu.

Namanje indoda yakho isikobandayo, abamaphepha bakushaya indiva banake kakhulu untaba kayikhonjwa lo owumnakwenu.

Ngifuna ukuthi kuwena qina idolo, yekela abantu bakhulume basho abakushoyo baqagele nokuthi kwenzekeni kuze kugcina kushona umyeni wakho.

Thina bantu sibheke wena njengonkosikazi, uzikhombisele ukuthi ungumfazi ngokuphindiwe, ukhombise ukuthi umshado awudingi ukuthi uwukhulele ngokweminyaka kodwa nangengqondo kumele ukhule, uhluze uphinde uwukhulekele.

Sibezwile bethi kungenzeka ukuthi nawe unesandla ekushoneni koyeni wakho, bethi ubudliwa yisikhwele ngoba indoda yabaleka noKelly - nalapho ntombazane uthulile wabukela.

Ubuqotho bakho sibubone ngokuthi ungabi wuthathekile ufune ukubukwa noma zikunetha.

Ubuntombazane ubukhombisile, sakubona uhleli ngentombi, sangezwa usukhonjwa la nale.

Funda nalolu daba: Unolimi oluqosheme uKelly Khumalo

Thina makhosikazi amadala sasiziqhenya ngisho abayeni bethu bengasekho, siziqhenyele ukuthi noma ngabe ubekhonjwa kusibanibani nosibanibani, ekugcineni ibhokisi lakhe liphumele kuphi, ekugcineni ubani ozogqoka inzilo.

Kumnandi ukuzilela indoda yakho obuyithanda, kumnandi ukuhlonipha indoda yakho noma ingasekho, inconywe ngobufazi bakho noma isisethuneni.

Ungabi namahloni okuthanda uSenzo noma engasekho, sazi wena thina. Sazi wena ukuthi ungunkosikazi wakwaMeyiwa.

Baningi osaziwayo beshonelwa amadoda bese bezihlaza. Ngiyakucela ungabi uSavitha Mbuli, owashonelwa yindoda kwangaphela sikhathi sambona esehamba amaphathi egqoke econsa.

Yiba yisibonelo nakwabanye besifazane kuze bezofunda ukuziphatha nokuthobeka.

Mina nabaningi Mandisa sikuthandiswa ukuthi asikuzwanga ukhuluma ngisho indoda isaphila ibukisa ngawe iqonywa izalisa. Umfazi ohlakaniphile akakhaleli abezindaba, ukhalela uJehova.

Noma ngingakaze ngikubone ngamehlo enyama, ngiqinisekisekile ukuthi ubungumfazi ophelele.

Awekho amanyala esikwazela wona Mandisa, siyabonga ngokwenza izinsuku zikakaputeni wezwe lethu zibe mnandi esahamba emhlabeni ohlabayo.

Sengathi uJehova angakupha amandla ukwazi ukukhulisa izingane.

Ngokuhamba kwesikhathi uJehova uyokuthoba amanxeba, usamncane futhi umuhle awushodi ngalutho.

Qina Gubhela, qina Gcwabe kayiHlandla.


Asixhumane kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 400 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 828 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.3%
Rand - Pound
23.67
+0.6%
Rand - Euro
20.35
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.27
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
943.00
-0.8%
Palladium
1,025.00
-0.4%
Gold
2,398.74
+0.8%
Silver
28.69
+1.6%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE