Share

Uyasolisa 'umshado' we-EFF ne-ANC

Durban - Mangiqale ngimshayele ihlombe usekela Mengameli uCyril Ramaphosa, ngesibindi abe naso sokuhlangana namaqembu aphikisayo nalapho bekudingidwa khona ngokubuyiswa kwesithunzi sePhalamende lakithi.
   

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kusukela kwangena iqembu le-Economic Freedom Fighters neliholwa ngu-Julius Malema, ukusebenza kwePhalamende kuqale kwashintsha kwaze kwabe ligcina selingasabuseki.

Kwenzeka lokhu esihlale sikubuka kumaPhalamende amanye amazwe. Amaqembu aphikisayo aqale ayigxeka indlela i-EFF ebeyenza ngayo izinto, kodwa nawo agcine eseyithokozela le ndlela nokwenze agcine eseziphatha ngendlela eyodwa uma kunezinkulumo mpikiswano ngenxa yengcindezi abeyithola kwi-EFF nobekwenza sengathi ilona lodwa iqembu eliphikisayo ePhalamende.

Funda nalolu daba: Ugcwele ukungazi umuntu omnyama ovotela i-DA

Umhlangano abenawo usekela mengameli ube yimpumelelo kakhulu ngoba wonke amaqembu avumelene ngezindlela ezingabuyisa isithunzi sePhalamende, yize i-DA iphinde yashaya ingijikhwebu kokunye obekuvunyelwene ngakho.

Kuphinde kwangithokozisa ukubona ne-EFF iwuseka kakhulu lo mhlangano kanye nezinqumo ezithathwe kuwona, kodwa kuyasolisa ukwesekwa kwe-ANC ngabe i-EFF kulokhu. 

Phakathi kwezinqumo ezithathiwe ukutholakala kwesisombululo sezepolitiki odabeni lwe-EFF esihlanganisa ukuhoxiswa kwamacala abethweswe amalunga aleli qembu ngesehlakalo asenza sokuphazamisa uMengameli Jacob Zuma mhla ephendula imibuzo ePhalamende ngenyanga ka-Agasti kanti lamacala abezoholela ekumisweni kwalamalunga isikhathi esingangenyanga engalubhadi ePhalamende kanti futhi engaholi.

Yize abe-EFF bekuphika lokhu, kodwa cishe yisona sinqumo esibathokozise kakhulu lesi ngoba kuze kube iPhalamende alisabuseki nje yingenxa yawo la malunga asukuma aphazamise ukusebenza kwalo uma izinto zingenzeki ngendlela ethandwa yiwo.

Ngemuva kwengijikhwebu ye-DA, owe-ANC usukumile ethi obekuvunyelwene ngakho kuhle kuphele namacala e-EFF abuyiselwe ekomidini ebeliphenya ukuziphatha kwawo, kodwa i-EFF ibilokhu imile ithi akungasukwa esivumelwaneni somhlangano ababenawo nosekela mengameli yaze yagxeka i-DA ngokushaya ingwijikwebu.

Lokhu kungenza ngisole ukuthi lo mshado wabo wesikhashana ne-ANC baweseka ngoba bengafuni ukuzithola begwetshwa ngamacala abalahlwa ngawo. Ngaphandle kwalokhu kungithokozisile ukuzwa izinkulumo ebeziqhamuka emaqenjini aphikisayo ikakhulukazi i-COPE kanye nayo i-EFF ePhalamende, kangangoba uma zingalandelwa lingabuyelwa isithunzi iPhalamende.



* Ungaxhumana noSboniso Zungu ku-sbo1992@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1030 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1093 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE