Share

'Uyohlala ubambe i-video kaZondo, usale kokubalulekile'

Cape town - Kunabantu abayosala bebambe i-video kaS’thembiso Zondo enqunu yena esebambene noNkulunkulu.

Umfundisi uZondo uxolisile kubantu ngesenzo sakhe. Nakuba engazange enabe ngokuningi, kodwa uxolisile futhi akumele thina njengabantu sifune imininingwane egcwele ngakwenza ngoba asithinteki ndawo.Phela umfundisi akonanga thina bantu, kodwa wone uNkulunkulu; akadlwengulanga, kodwa udicilele phansi igama loMdali nebandla lasemazulwini.

Kungenzeka ukuba uZondo ufebile noma uthenge umqwayizi njengokuba abantu besho kodwa engikwaziyo ukuthi uxolisile futhi noNkulunkulu umxolele.

Kuyacaca ukuthi umuntu owaganga noZondo, uma kungukuthi waganga naye, wakwenza lokho enenhloso yokudicilela igama lakhe, ngoba ukuba bekungenjalo ngabe abayikhiphanga i-video.

Kungenzeka ukuthi lowo muntu wajabula kuvela ubuze bukamfundisi kodwa nginesiqiniseko sokuthi manje sezehlile iziqhomo ngoba phela simbonile umfundisi ephumela obala, exolisa, ema isibindi (Impela kugcine uNkulunkulu).

 Nginesiqiniseko sokuthi owasabalalisa i-video ubengakulindele lokho. Mhlawumbe ubelindele ukukhokhelwa noma azibulale umfundisi. Mhlawumbe ubelindele ukuba umfundisi angaphinde akhulume ngezindaba zikaNkulunkulu, kodwa ushwebile.

Funda nalolu daba: Usekhulumile uPastor Zondo.

Engikwaziyo ukuthi lifezekile icebo likaNkulunkulu; ‘amanyala’ kaZondo  ahlale obala. Kodwa akuphelanga ngoZondo ngoba uNkulunkulu ubefuna ayeke ‘ukungcola’ abekwenza agxile emsebenzini wakhe wokondla abantu bakhe ngeZwi.

Isibindi sokungazibulali, sokungakhokhi imali ekubeni usatshiswa ngokuthi izosatshalaliswa i-video, sikhomba ukuthi uNkulunkulu ubehamba nayo le ndoda.

Engingakusho nje ukuthi uNkulunkulu ukuphile isibindi Zondo, kusukela lapha ungabe usabuyela emuva.

Unkulunkulu izinto ezinjena akazenzi kunoma ubani kodwa uzenza kubantu abathembile, kubantu afuna bashiye izinto eziseceleni babheke yena kuphela.

Kubantu abasakhuluma namanje , begxeka, ngithi bazosala bebambe i-video kodwa obekuhloswe uNkulunkulu ngayo kwabaphutha.

Asidlule manje- kwi-video kodwa sibheke okuze ngemuva kwayo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 517 votes
No! It's time to move on ...
35% - 273 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.41
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
931.00
+0.6%
Palladium
995.00
+0.5%
Gold
2,335.03
+0.1%
Silver
27.52
+0.3%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE