Cape Town - Kamuva kushone abafundi abangu-168 eKenya kuhlasela iqembu lamaphekula i-Al Shabaab, nokuyiqembu elizinze eSomalia. Ngaphambi kwalokhu kwangena wona la maphekula eKenya, agasela enxanxatheleni yezitolo yashiya kushone abantu abangaphezu kuka-50.
Umbuzo-ke abaningi abazibuza wona owokuthi amaphekula angena kanjani ezweni, abanye babuza ukuthi abantu bokufika abagcwele eNingizimu Afrika bangena kanjani kuleli.
Muhle impela lowo mbuzo kodwa asikhulume ngokuthi-ke sebengaphakathi sebengenile, kuzokwenziwa njani?
Alikho izwe elingavumela amaphekula ukuthi angene acanase kodwa kuyenzeka izigilamkhuba, abadlwenguli noshayasibhamu bagcine bengenile emiphakathini yethu bazicanasele.
ENigeria kubhoke iBoko Haram, okungeyakhona – leli qembu loshayasibhamu lisatshiswa okwenyoka kanti la lidlula khona akuphinde kumile tshani. Sikhuluma nje namanje amantombazane athathwa yiBoko Haram awakaze abuye.
E-DRC kwagasela i-M23, yakhona ekhaya, kwashona abantu abanye babaleka bashiya amakhaya. Miningi imindeni ekwavalwa ngehlahla kuyo ngemuva kokubhoka kwalezi zigayigayi.
ENingizimu Afrika sinezwe elinomthetho nezokuphepha eziqinile.
Funda nalolu daba: 'IBhayibheli liyakuchaza ukuthi uJesu akafelanga mina'
Ezokuphepha ezweni ziqine ngokwanele ukuhogela umkhuba usakude. Abe-M23 okwabanjwa ukuthi bazilolongela kuleli, babanjwa bavalelwa emajele.
Iqeqebana lamabhunu elalisezinhlelweni zokusoconga abaholi be-ANC eMangaung, kumanje libhadla ejele. Siyizwe elinozinzo nelihalelwa amazwe amaningi omhlaba. Abaningi baze bateketise leli bathi yiMelika yase-Afrika.
I ”Melika” yethu le, yizwe loju nezinyosi, bonke abantu abathanda into enhle baphelela kulo leli, angeke ngibaqede abavelele abaqhamuka emazweni angaphandle osekuyikhaya labo iNingizimu Afrika.
Udlame lokuhlaselwa kwabokufika oluqhubeka esifundazweni saKwaZulu Natali, lungenza ngibone ukuthuntubala kwemiqondo yabanye bethu abansundu. La kuhlangenwe khona uthola abantu bekugxeka ukuhlaselwa kwabantu bokufika, ngibe sengizibuza ukuthi kanti uma sonke sigxeka, bangobani-ke laba abahlaselayo?
Abahlaseli abantu esihlala nabo emiphakathini yethu, amadodana ethu, abanye abafowethu kanti abanye abazala bethu nomalume kanjalo nobaba bethu.
Siyizwe abaningi ababalekela kulo ngenxa yesimo esingesihle abantu ababhekene naso emazweni abo. Abanye beza kuleli ngoba bethanda uguquko befuna okwehlukile. Angicabangi ukuthi uJeremy Brockie weSupersport United weza eNingizimu Afrika ngoba exoshwe ububha nodlame ezweni lakhe, kodwa weza ngoba ethanda izwe efuna nokwehlukile.
Siphila ‘buthebelele’ ezweni phezu kwazo zonke izingqinamba ezikhona. Asilali siqamele phezu kwesibhamu silindele impi. Asingeni emasontweni nakuma-Mall sinovalo lokuhlaselwa amaphekula. Kukho konke okuhle esinakho sesihlulwa ukuhlalisana nabantu abafana nathi abazozama impilo engcono kuleli?
Amaqembu amaphekula awabikezeli uma ezohlasela, agasela kube kanye aphinde aziqhayise ngezenzo zawo, leyo akusiyo inkinga izwe laseNingizimu Afrika elibhekene nayo, inkinga esinayo eyokulwisa abantu ababalekela lolu dlame.
Awuzibuze ukuthi ungakhethani uma kungathiwa khetha ukuhlala ezweni nabantu abahlasela emasontweni nasezikoleni kanjalo nakuma-Mall, kungonakele lutho, nokuhlala nomuntu oqashe i-container bese edayisela kuyo.
Baningi abantu abansundu baseNingizimu Afrika abagcwele ukugcwaneka nokuthuntubala komqondo. Laba akumele sibavumele basonele izwe esihlala kulo.
Sithula sithini uma sibona umuntu engena endlini ne-6 pack yeCooee sibe simazi akaze nakanye ayosebenza? Ukudla kanjani ukudla okwebiwe kwabulawa nomuntu? Uma uncelisa ingane ubisi oluntshontshe esitolo sowokufika, uzizwa kanjani, ngabe yila khona uzibona ukuthi uwumzali oqotho okhulusa umuntu ongase ngelinye ilanga abe ngumholi wesizwe?
Funda nalolu daba: 'Kumele kusolwe uhulumeni ngokuqhubekayo kuleli'
Nanamhlanje abanye abangamaZulu namaXhosa basenamagqubu ngenxa yempi eyaqubuka phakathi kwalezi zizwe. Nanamhlanje phakathi kwamaShona namaNdebele eZimbabwe, kukhona abasabambe amagqubu ngenxa yezigameko zeminyaka ezake zabonakala.
Le nzondo pho eniyakha ezinganeni ezizalwa ngabantu bakuleli nabaqhamuka emazweni angaphandle, noyiqeda ngani?
Umhlaba wonke uyohlale ubuswa wukuthi amaZulu anenzondo nobuwula kangangoba akwazi ukubulala abantu abafana nabo ngenxa yokuthi bakhuluma ulimi olwehlukile noma baqhamuka ngale komngcele.
Nikhumbule ukuthi ngesikhathi nibulala laba enibabiza ngamaZizimbane namaKwerekwere namaZayizayi, kunohlanga olukhona oluziqeqeshela ukubhekana nohlanga olunsundu lonkana, kungakhathalelwa ukuthi umSuthu noma umZulu, umXhosa, umShangane noma ngumVenda okanye umNdebele.
Obhalile: Siphelele Dlamini .... eThekwini.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.