Cape Town - NgiseKapa Lodumo ngesizathu sokuzozama iphalishi labantwana....sesiphinde sagqemeka kwavuka amanxeba ebengithi ayaphola.
Ngithe ngisababaza ukushona kuka-Eddie Zondi, ngezwa kuthiwa sekudutshulwe kwabulawa uSenzo Meyiwa, dukuduku kwenzeke ingozi yomgwaqo kwashona uSimba Mhere obenguvela bahleke.
UMgqibelo bengiwulangazelela ngazi ukuthi uzongena uSaba "Ntozabantwana" Mbixane, angithathe ngamehlo engqondo angibeke ekhaya eFilidi, la kwasala khona inkaba yami.