Share

Yavelaphi kanti le mpakamo engapheli?

Cape Town - Kodwa yini le mpakamo, injalo nje yavelaphi njengoba inguqhathizwe? Kungani sixabane kangaka ngenxa yemhakamo, kungani kumele abantu balawulwe yimpakamo ngale ndlela?

Yimbi impakamo injalo yehlisana kabuhlungu esicongweni, ngiyathandaza kuJesu Krestu kungenzeki nangelilodwa ingihlasele, ngikhulekela ukuthi ngihlale njalo ngithobekile, ngizothile ngimazisa nomunye umuntu.

Impela zona izivunguvungu zomhlaba zikhona futhi azisoze zaphela, ziyafika zidlula zikushiye nesifundo.

Uma umkhuleko wabantu ungathi: "Ngisize nkosi ngingababukeli phansi abanye abantu ngibuyisele okweNkosi eNkosini ngoba impakamo ayibuyiseli kuphela idilizana esicongweni," umhlaba ungaba ngcono kakhulu kulokhu oyikho okwamanje.

Funda nalolu daba: Ungaliphosi ithawula uma kunzima

Angeke walahla ngokuzotha, angeke walahla ngokuthobeka, angeke walahla ngokuhlonipha okunalokho ungazuza olukhulu emplilweni.

Siyabazi bakhona baningi abaphila ngelikapondo kodwa akuve belungile into eyizinga ayilutho kubona kodwa wena ongenalutho izinga uyalazisa, enganede umlungu akuvalise isitolo uzibone usumkhulu kozakwenu.

Mpakamo ubolile, mpakamo uyinuku, mpakamo udlalile ngabantu ezweni, mpakamo awunakuthenjwa, mpakamo uyifu elimnyama ezweni, mpakamo hlukana nathi phansi, awusidede usishayise ngomoya usishiye ngomoya omuhle kusekuhle.

Mpakamo ngigeza izandla ngawe uyisihogo sasemhlabeni, ufanele umgqomo!

Mpakamo uyinja kwazisholo osisters sebonwe obrothers!!!!




Ungaxhumana noMaNdaba Ku-fikile1ndaba@gmail.com naku-Twitter @FickelzN



Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 58 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 85 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
-1.0%
Rand - Pound
24.05
-0.7%
Rand - Euro
20.58
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.39
-0.3%
Rand - Yen
0.13
-0.9%
Platinum
894.64
-0.3%
Palladium
992.99
-0.9%
Gold
2,197.50
+0.1%
Silver
24.44
-0.8%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
67,880
+0.3%
All Share
74,091
+0.3%
Resource 10
56,315
+1.2%
Industrial 25
103,611
+0.3%
Financial 15
16,459
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE