Dear Mhleli,
Ngiyabingelela mhleli nethimba lakho, okokuqala ake ngibonge nje ngokusipha isikhala lapha kwaNews24 sokuthi nathi njengomphakathi sibeke imibono yethu ngokukhululeka .
Kimina lenkundla ngiyithatha njengenkundla enhle kakhulu yokuthi sicobelelane ngolwazi.
Ngithi ake ngikhulume ngezinto ezibanomthelela omkhulu futhi omubi ezimpilweni zethu.
Ngokwesintu insizwa uma yone ingane yomuntu kumele iyohlawula igeze nomuzi womnumzane, yebo kunjalo kodwa esikhathini samanje abafowethu abasayinaki lento yokuhlawula, angazi noma banokuyithatha kancane yini kodwa engithanda ukukusho wukuthi lento ibanomthelela omkhulu ezimpilweni zabantu abathintekayo futhi lenkinga ihamba ize iyofika emakhaya abo.
Phela lingcono icala lokubulala umuntu kunecala lokona ingane yomuntu bese uyishiya kanjalo, ngangokuthi nawe ugcina usuwumphuphe futhi ubenizinkinga nje othi noma uya kwabanamanga bangayiboni inkinga yakho.
Zinsizwa elami lithi uma uzazi ukuthi kunengane yomuntu owayona wangayihlawula buyela emuva uyohlawula ngoba uyoba nezinkinga impilo yakho yonke.
Phela imizi inabanikazi bayo abayigadile yibo ke abahambayo bayomangala kwabakini abaphansi bathi ingane yenu seyenze nje emzini wethu bese uyaboshwa khona uphila uzithole unezinkinga nje kanti yingenxa yokuthi unecala futhi ngokwenzenjalo usuke uzisiza wena ukuthi noma uqhubekela phambili nempilo ungazitholi usunezinkinga ngoba uma kungenjalo, cha impela ababuyisi baphambili.
Nayo intombazane kungumsebenzi wayo ukuthi ikugqugquzele ukuthi uyohlawula kodwa uma kubonakala ukuthi insizwa ayizimisele ngokuyothetha icala kumele yona intombazane ithenge imbuzi ngemali eyisebenzele yona bese iyocela kubaba wayo ayishwelezele emsamo ngehlazo eyalenza noma abafowabo uma engasekho ubaba ekhaya.
Le Ndaba-ke isithinta sonke noma ngabe uyilelikholwa elithi uma lishumayela endlini bonke abantu bavukwe wumoya kodwa uma kukhona lapho usabizwa khona ngengcanga buyela emuva uyolungisa ngoba unecala futhi loluhlobo lwecala alipheli uma ungazange walesula wena, liyakulandena ngisho usulele kobandayo kanjalo nawe dadewethu sonta kodwa ungakhohlwa wukuthi wathuka abazali bakho ngenhlamba.
Indaba yokuthi uyisoka, uhamba wona izingane zabantu ayisebenzi futhi umvuzo wayo awumuhle neze ngoba mina nawe siyakhumbula sisakhula kwakunabantu basendaweni ababeziwa ngokuthi bangamasoka izingane zabantu ziqedwa yibo ubuntombi bazo kodwa uma ungase ubuyele emuva kancane nje ubabheke ukuthi bakuphi nempilo uyothola ukuthi bayimiphuphe manje.
Okunye futhi okwenziwa ngabantu kodwa okungalungile ukuthi umuntu ozalelwe ekhaya komalume akhule ebiza isibongo sakhona bese evele eyahamba ayakubo kababawakhe, mhlampe aze ashintshe nesibongo azibize ngesakhona.
Ayenziwa ke nje leyonto uma bengakuhlawulanga kini futhi bengalobolile ngoba uma wenzenjalo uzibizela amanzi ngomsele.
Lapho komalume wakho ozalelwe khona ungowakhona baze bakuhlawule abakini ngoba kuyinhlamba enkulu kabi leyo osuke ubathuka ngayo abakomalume wakho futhi nawe bayakujikela.
Ngaleyondlela wena ungowakomalume bakho konke oyokwenza uyokwenzela khona uma usuyogana uyokhishwa wumalume lokho akunankinga kanjalo nensizwa yoganelwa komalume uma ke suthola amandla uyakwazi kusishintsha isibongo khona sewaphuma umuzi wakho.
Ngakho ke bodadewethu yekani ukuthi nijwayele kuyisa izingane emakubo ekubeni zingakaze zihlawulwe lokho kudalela zona izinkinga
Qaphela lendaba ayihlangene nenkolo kodwa ikhuluma ngesintu.
Ngiyabonga!
Obhalile,
Moses xolo ePort Shepstone