Impela inhliziyo iyisilima kodwa akhona amathuba okuyilawula kancane...asithi nje uqinise ikhanda. Kunaleli gama elisetshenziswa abelungu elithi infactuation ongazikhohlisa ngalo kuze impela kudlule lokho kubhakuza kwangaleso sikhathi okusenhlizweni.
Kunzima ukukhulisa ingane yomunye umfazi, angiphathi uma uhlala nendoda...ukuthi ngaphansi kwamiphi imibandela angazi kodwa uhlala nayo indoda nengane.
Izingane zamadoda ziluhlaza, uthole ukuthi ikuthanda nyan nyan le ndoda, konke ekwenzayo iyakwazisa futhi ifuna nikwenze nobabili ize ifune novo lwakho uma ikhuluma ngengane yayo.
Ziluhlaza izingane zabafazi, inhlonipho ayikho tu tu, uthi uyazama ukukhuluma nayo kahle ikubhekise le, ikutshele ukuthi phela wena wondliwa ubaba wayo noma uthi uyakhuluma ithi 'phuma kimi' ifake ama-head phones icule ibheke le.
OLUNYE UDABA:Makhwapheni ungazoba' Serious'
Uma kukuncane kuyozibhuquza phansi kukhale kufuna amathoyizi abizayo omaPlaystation kufune nokubuka i-tv ngalesi sikhathi nawe ubuka okuthandayo.
Angiphathi uma kuwulolu hlobo lwezingane ezithola konke uma nje kuke kwathi "Daddy" iyehla imanna nonina naye akazibekile phansi uvutha amalangabi.
Angazi ukuthi babekezela kanjani abantu kubudlelwane obunjalo.Ungaxhumana noMaNdaba kufikile1ndaba@gmail.com naku-Twitter @FickelzN
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho