Share

Ziluhlaza izingane zamadoda ethu

Cape Town - Ngafunga ngagomela ukuthi angeke ngithandane nomuntu onengane, angikhathali noma indala noma incane, into engiyibuka kweminye imizi ngiyayesaba.

Impela inhliziyo iyisilima kodwa akhona amathuba okuyilawula kancane...asithi nje uqinise ikhanda. Kunaleli gama elisetshenziswa abelungu elithi infactuation ongazikhohlisa ngalo kuze impela kudlule lokho kubhakuza kwangaleso sikhathi okusenhlizweni.

Kunzima ukukhulisa ingane yomunye umfazi, angiphathi uma uhlala nendoda...ukuthi ngaphansi kwamiphi imibandela angazi kodwa uhlala nayo indoda nengane.

Izingane zamadoda ziluhlaza, uthole ukuthi ikuthanda nyan nyan le ndoda, konke ekwenzayo iyakwazisa futhi ifuna nikwenze nobabili ize ifune novo lwakho uma ikhuluma ngengane yayo.

Ziluhlaza izingane zabafazi, inhlonipho ayikho tu tu, uthi uyazama ukukhuluma nayo kahle ikubhekise le, ikutshele ukuthi phela wena wondliwa ubaba wayo noma uthi uyakhuluma ithi 'phuma kimi' ifake ama-head phones icule ibheke le.

OLUNYE UDABA:Makhwapheni ungazoba' Serious'

Uma kukuncane kuyozibhuquza phansi kukhale kufuna amathoyizi abizayo omaPlaystation kufune nokubuka i-tv ngalesi sikhathi nawe ubuka okuthandayo.

Angiphathi uma kuwulolu hlobo lwezingane ezithola konke uma nje kuke kwathi "Daddy" iyehla imanna nonina naye akazibekile phansi uvutha amalangabi.

Angazi ukuthi babekezela kanjani abantu kubudlelwane obunjalo.

Ungaxhumana noMaNdaba kufikile1ndaba@gmail.com naku-Twitter @FickelzN


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 924 votes
No! It's time to move on ...
33% - 450 votes
Vote
Rand - Dollar
18.82
+1.0%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.12
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.3%
Platinum
922.60
-0.3%
Palladium
962.50
-2.8%
Gold
2,337.44
+0.2%
Silver
27.27
-0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE