Yini oke uyibone yenziwa abantu besifazane ocabanga ukuthi iphumile esandleni nocabanga ukuthi uma isifazane singayiyeka, kuningi okungahamba kahle?
Abafundi bethu bayaphendula:
UNtungwelihle KaMashobane uthe: Utshwala nokuthanda abantu bebathandela izinto zabo.
USandile Freedom Nxumalo uthe: Abantu besimame bayakwazi ukuwakha umuzi wakheke kodwa uma sebesukwe uSathane, bayawubhidliza.
Bangabantu abangakwazi ukubekezela, angiphathi uma owesilisa ehola kancane kunaye, uvele abe senkingeni usuku nosuku. Uma bengakushintsha lokho emhlabeni kungalunga.
UClement
Zulu uthe: Zingalunga izinto uma abantu besifazane bengayeka ukuqoma kakhulu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.