Uzizwa unjani ungumakhwapheni ungumuntu ohlezi efihliwe, otshelwa ukuthi angafoni ngesikhathi esiwukuthi? Uzizwa kanjani ungumuntu okhona kodwa futhi ongekho?
Akufiki nje emqondweni wakho ukuthi uyasetshenziswa ungumuntu wocansi kuphela? Awuvezwa emehlweni abantu, empeleni awukho esithombeni ngisho nasezinhlelweni zekusasa.
Yini ekujabulisayo ngokuba ngofihliweyo, ekuphunywa naye ebusuku, kuqashwe amahhotela ukuze nizoba ndawonye nalo wesilisa ofuna ukufeza izinhloso zakhe ngomzimba wakho azithokozise?
Imali amaphepha ambalwa okhohliswa ngawo angasoze akusa ndawo kodwa impilo yakho yonke uyohlezi uyinto yamakhehla uyinto efihliwe.
OLUNYE UDABA: Phephisa Kelly Khumalo, kubuhlungu kakhulu
Yini le engaka esuke ikuluthile ngoba ngiyacabanga usuke uyibonile indandatho emnweni, uma ingekho noma engashadile siyafika isikhathi lapho otshelwa khona iqiniso.
Kungani ungaziqhenyi ngobuwena uyintombi yakwenu? Abanye baze bathi " I don’t settle for less" okungumbhedo nje lowo, uveza ukungazithandi ululaza ubuwena nabazali bakho?
Utshela umhlaba wonke ukuthi wena awukhuliswanga ngendlela uphoxa abazali bakho ngenxa yamaphepha angasho lutho. Wenza sengathi ulala ungadlile kini noma waqhuma etsheni awunabani.
Imisebenzi ichithiwe enxanxathela yezitolo lapho ongakwazi ukuzitholela khona amasenti nawe uphile ngaphandle kokuba ngumakhwapheni konke okuhle kuyolandela kukuholele empumelelweni.
Zithande ntombi!!!
Ungaxhumana noMaNdaba Ku-fikile1ndaba@gmail.com naku-Twitter @FickelzN
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter