Share

Ziqhenye uzazi dadewethu

Cape Town -  Umakhwapheni umuntu oyisikhohlakali ochitha imizi yabantu.

 
Uzizwa unjani ungumakhwapheni ungumuntu ohlezi efihliwe, otshelwa ukuthi angafoni ngesikhathi esiwukuthi? Uzizwa kanjani ungumuntu okhona kodwa futhi ongekho? 

Akufiki nje emqondweni wakho ukuthi uyasetshenziswa ungumuntu wocansi kuphela? Awuvezwa emehlweni abantu, empeleni awukho esithombeni ngisho nasezinhlelweni zekusasa.

Yini ekujabulisayo ngokuba ngofihliweyo, ekuphunywa naye ebusuku, kuqashwe amahhotela ukuze nizoba ndawonye nalo wesilisa ofuna ukufeza izinhloso zakhe ngomzimba wakho azithokozise?

Imali amaphepha ambalwa okhohliswa ngawo angasoze akusa ndawo kodwa impilo yakho yonke uyohlezi uyinto yamakhehla uyinto efihliwe.

OLUNYE UDABA: Phephisa Kelly  Khumalo, kubuhlungu kakhulu

Yini le engaka esuke ikuluthile ngoba ngiyacabanga usuke uyibonile indandatho emnweni, uma ingekho noma engashadile siyafika isikhathi lapho otshelwa khona iqiniso.

Kungani ungaziqhenyi ngobuwena uyintombi yakwenu? Abanye baze bathi " I don’t settle for less" okungumbhedo nje lowo, uveza ukungazithandi ululaza ubuwena nabazali bakho? 

Utshela umhlaba wonke ukuthi wena awukhuliswanga ngendlela uphoxa abazali bakho ngenxa yamaphepha angasho lutho. Wenza sengathi ulala ungadlile kini noma waqhuma etsheni awunabani.

Imisebenzi ichithiwe enxanxathela yezitolo lapho ongakwazi ukuzitholela khona amasenti nawe uphile ngaphandle kokuba ngumakhwapheni konke okuhle kuyolandela kukuholele empumelelweni.

Zithande ntombi!!!

Ungaxhumana noMaNdaba Ku-fikile1ndaba@gmail.com naku-Twitter @FickelzN

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 475 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 682 votes
Vote
Rand - Dollar
18.93
+0.0%
Rand - Pound
23.90
+0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.1%
Rand - Yen
0.13
+0.0%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE