Durban - IHhovisi likaMengameli lithi uMengameli Jacob Zuma usenze isiphakamiso sokuthi kube nesixazululo ngodaba lomuzi wakhe oseNkandla, okubandakanya ukuthi akhokhe enye yemali eyasetshenziswa kulungiswa umuzi wakhe.
Baphawule kanje abafundi:
UNims Mvula uthe: Ekugcineni kuzoke kube nokuthula Nkosi eMzansi, sebezothinike manje ontaba kayikhonjwa ngoba phela bese kuyingoma.
UMthulisi Msuthu uthe: Eminyakeni emibili edlule ngasho ngathi ngiyonibuza uma uZuma esekhokhe lemali. Baphi ke laba ababethi ngeke akhokhe? Inkukhu inqunywe umlomo.
USipho Dube uthe: Besingekho isidingo, kumongameli wethu ukuthi enze lokho.
UMathobi Dube uthe: Umbono omuhle loyo khona sizobona ukuthi kuzokhulunywa ngani kumaqembu aphikisayo ngoba iNkandla, abasho ukuthi bazosenzelani into esabavotelela yona ayiNkandla sikhathele ukumenyezwa kweNkandla.
UZakhele Ox Minister uthe: Ngiyazi injaloke i-ANC masekuzovotwa baqhamuka namaqhinga.
Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho