Durban - Unyaka uqala uze uphele, kodwa lutho ngokukhuluma ngokuyovela ekhaya wedali wami.
Hawu ngisho usubhonasile, awubuzi nokubuza ukuthi ekhaya kungenzeka bafune into engakanani.
Kudala ngibayeka bengishela befisa ngiyovusa imizi yakubo, kodwa ngebahleke kancane ngibatshele ukuthi "sengithathiwe."
Abanye baze bathi usedlala ngawe lo, kunini uwa uvuka naye kodwa namanje lutho ngisho nokucela lokhu.
Abangani bangihlekisa ubala bengikhohlisa ngokuthembeka kwami kuwe, "hhayi mngani seniqhubhile noSbu, namanje nisathandana."
OLUNYE UDABA;INGOSI: Uxoshwe yini vele kini?
Ngoba ngithi siphethene kahle mina nawe, nakini bayakujabulela ukungibona njalo uma sivakasha, kanti wena yini le ekuvimbayo ukuthi ungaveli ekhaya.
Usuzishintshe kabili izimoto selokhu saqala ukuthandana, wathenga ubhazabhaza kamabonakude, ngingasabali nalo mbhede esiginqika kuwo nsukuzonke.
Nalaba bangani bakho sengiyabanyanya ngoba kuyacaca ukuthi abasifiseli okuhle bahlezi bethi, "umfazi kaBafo, umfazi kaBafo wokunuka."
Sekufike la ngikhathala khona ngoba kuyacaca ukuthi ngiyogugela ekhaya, kungani ngilokhu ngizikhohlisa ngokuthi, "mhlawumbe kuzoshintsha, ngizothi ngiyakulahla kanti usuzoyibhala incwadi."
Ake sibeke olwamanqamu sithi uma ungaphela lo nyaka ungenzanga lutho, uvele ukhohlwe imina nothando lwami.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Kubhala uNonkululeko Nhlapo