Share

INGOSI: Yibabazi lami, kwazisholo isiphukuphuku sidlalwa wumfana

eThekwini - Kwesinye isikhathi abantu besimame yibona abazidelelisa ngamadoda futhi yibona abawajwayezayo ukuthi abenzele phansi ngaso sonke isikhathi.

Yibabazi lami!

“Ibabazi lifika noma yinini emqashweni wami", hhayibo omunye afike ngisho kubo kantombazane, kuhlalwe “nabosbali” kuphuzwe kube mnandi, lo muntu akakaze avele ngisho nangenkukhu layikhaya.

Kwenziwa yini vele ukuthi umuntu wesifazane athathe wonke amandla awanikeze isoka? Mi thatha, yenza noma yini ofuna ukuyenza babazi, kanjalo-nje?

Yibabazi lami!

Yebo niyathandana, kodwa kuseyisoka, ngakho-ke niyazijolela, le ndaba yokuthi uma efone ngo-23:30 ebusuku athi uyeza, nawe uyavuka uyazilungiselela. Awubuzi ukuthi uvelaphi ngalesi sikhathi, uza nje yini ayilethe ebusuku ebingeke ilinde kuse kusasa.

Yibabazi lami!

Leli soka lakho liwungoqo alazi nokuthi uthenga impuphu engakanani ngenyanga, ngingasabali izishebo noma okokugeza nokugcoba, kodwa njalo uma limemfuka, uyaliphakela, kwesinye isikhathi uze uyoboleka komashonisa upheke u-curry omnandi, wezwa phela ukuthi indlela yokubamba indoda ukuyiphekela.

Lo ngqesta wakho akakhiphi lutho lapha endlini, njalo uma umcela imali impendulo ithi, “ngizobona uma kuphela inyanga,” iphele golokoqo umuntu abike lokhu nalokhu, anyamalale.

Yibabazi lami!

Uhlezi uvika izintombi nomama wengane okudelelayo, ohlezi ekuthuka ekuthukela lo zavolo wakho, yena wenzani, uyakuhlinela akutshele ukuthi akwenzeki lutho.

Kusenjalo, akakuncengile nokuthi uhlale la endlini yakhe, uwena ohleli ngenkani ngoba uthi ngeke ukhishwe womunye umuntu endodeni.

Uhleli mahhala njalo, nawe wagudluza umuntu ukuze ube lapha.

Yibabazi lami!

Hehehe, yibabazi lakho leli elikulanda ebusuku, likubuyise ekuseni, akekho oke wakubona uhamba nalo edolobheni noma ningcebelekile. Lifika ngobumnyama, nakhona lifika lizitike ngawe, bese liyanyamalala.

Yibabazi lami!

Yilo leli elikushiya njalo uma liya emakhaya, lize likubone ngo-Januwari sekuvulwa emafemini, ngisho lisemakhaya lifona emini kuphela ebusuku alitholakali, “ayidonsi kahle endlini yami ifoni mamazi.”

Umbuzo uthi, uma ekuthanda futhi ethembekile kuwena, akamtsheli ngani umama wengane ukuba akahlukane naye phansi ayeke ukuba yisicefe empilweni yakhe ngoba akasekho lapho?

Kulula nje ukukhipha umuntu ephaketheni lakho uma esekubhedela, kodwa uma engasiboni isidingo sokwenza lokho, kukhona okushaya amanzi.

Uma ekuthanda ngempela, uzokuhlonipha ukhona aphinde akuhloniphe ungekho futhi enze ukuthembeka kuwena nomndeni wakini.

Uma ekuthanda futhi ekuhlonipha ngempela, ngeke akwenze uzizwe ungelutho noma abukise ngawe ebantwini.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-

Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 83 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 179 votes
Vote
Rand - Dollar
19.25
-0.4%
Rand - Pound
23.89
-0.3%
Rand - Euro
20.46
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.7%
Platinum
949.10
-0.1%
Palladium
1,025.50
-0.4%
Gold
2,383.03
+0.2%
Silver
28.29
+0.2%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,190
0.0%
All Share
73,271
0.0%
Resource 10
63,297
0.0%
Industrial 25
98,419
0.0%
Financial 15
15,480
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE