Durban - Kuya ngamagama enkehli ePhalamende ngesikhathi uMengameli Jacob Zuma ethula inkulumo ebhekiswe esizweni, njengoba vele i-EFF ibishilo ukuthi izophazamisa izinhlelo ePhalamende.
Mdu KaMashobane Khumalo Kanti muphi lo s’bhaklabhakla onekhanda elikhulu owumengameli we-ANCYL ngoba wayethe uzobhekana nabazophazamisa esiShayamthetho. Nakhu i-EFF ikhwela iyadilika manje, noma ucashile ndawana thize uyasaba?
Musawenkosi P Ntuli Kanti ubucabanga ukuthi siyadlala yini we-Admin? Asijiki ‘Zupta must fall’ namanje ngisasho ngithi Viva EFF Viva noma besizonda besizondela iqiniso.
Mzwandile Madiya Abanganakwa abantu be-EFF, mina sengaxola ngabo abantu baseMzansi kumele babazi abantu bokunakwa. Viva ANC viva!
Khule Mthethwa UMalema uma engaphatha izwe engazama ukusifaka induku, kungasinda thina esingamesabi. Uyeyisa lo mfana!
Xolln Mpanz Nithini ngalo mthetho obolile kaZuma wezimali zomhlalaphansi? Uyayinyomfa.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.