Share

"UbuKhansela kuwumsebenzi obalulekile"

Cape Town - Sekufike isikhathi lapho thina njengamalunga omphakathi sizokhetha khona amakhansela azosimela ezindaweni zangakithi, lolu khetho lulindeleke ukuthi lube ezinyangeni ezimbalwa ezilandelayo.

Amakhansela angabantu ababalulekile ekulethweni kwezidingongqangi emphakathini nokulethwa kwentuthuko negqalasizinda kubantu.

Iningi labantu abamnyama lihlala ezindaweni eziqhelile namadolobha futhi ezingenayo ingqalasizinda efana nemigwaqo, amanzi , ugesi kanye nokunye okuningi lokhu. Kusenza sishisekele ukuba nekhensela elizosilwela ekuletheni intuthuko ezindaweni esihlala kuzo. 

Siyabonga ukuthi sekube khona ushintsho olukhulu ezindaweni esihlala kuzo umangabe siqhathanisa kunesikhathi esisuka kuzo, ngaphambi kuka1994.  Wonke umuntu uyayibona imisebenzi kahulumeni wentando yeningi oholwa u Khongolose.

Njengoba sesizokhetha amakhansela nje,  kumele siqikelele njengemiphakathi nxashane sikhetha, sibhekisise ukuthi asikhetha umuntu osebenzisa lelithuba njengethuba lokufuna umsebenzi. Akufunakali ukuba sikhethe umuntu ozokhohlwa yithi, ohlulwa ukubiza umhlangano, angatholakali ehhovisi bese ekhohlwa womphakathi omkhethileyo.

Yebo kuyiqiniso elimsulwa ukuthi umsebenzi wokusebenzela umphakathi awulula neze neze.  ufuna izinsizwa nezintombi ezibiziwe ezinogqozi nofuqufuqu lokuthanda umphakathi.

Uma ngabe ukulomsebenzi kudingeka ukubekezela ngoba umphakathi uvele ubeke ithemba lawo lonke kuwena nomangabe kwenzakalani, kuvuswa ikhansela. Akusibo bonke abantu emphakathini abaziyo ukuthi ezinye izinto zidinga uhulumeni wesifundazwe noma kazwelonke, abantu bakhala kuwe noma kwenzekeni.

Umangabe unemoto iphenduka ihhashi likamfundisi kumele lithuthe abagulayo, abagwezene emathaveni, izidumbu kanye nezalukazi umangabe ziya empheshenini. Umangabe ungenalo ubizo nokubekezela ugcina usuwulaxaze phansi umphakathi ngoba bafuna yonke into kuwena, kwesinye isikhathi umangabe benenkinga bagcina ngokushisa umuzi wakho.

Umangabe ufuna ukuba ikhansela zimisele ngokuthi uzoya kofukuza, phezu kwalokho kumele ubize imihlangano yomphakathi wakhe izinhlaka eziqinile ezizokwenz umphakathi ube  ngcono.

Alifunakali ikhansela elizothula emhlanganweni womkhandlu, kumele likhulumele umphakathi liqinisekise ukuthi udaba lwabo luyafakwa kuhlaka lohlelo lwamasipala oludidiyelwe olwaziwa phecelezi ngokuthi i-Intergrated Development Plan (IDP).

Okumnandi ukuthi uKhongolose uzonika umphakathi ithuba lokuphawula ngaphambi kokuthi abantu baqokwe ukumele iqembu. Umphakathi kuyomele uphume ngothi lwalo ukuze liqinisekise ukuthi kuzokhethwa ikhansela elizoba nesineke, uthando, uqgozi, ukubekezela kanye nokukhuthalalela intuthuko yomphakathi.

Ngakho asikho isidingo sokulwa kubangwa isikhundla sobukhansela, wonke umuntu owenze kahle umphakathi uzombuyisela bese lona ohluleke ezamile kungenzeka athole ithuba elisha, bese kuthi laba abanye abasha umphakathi uyabazi ubabonile bewukhathelela bazobafaka. Kafushane nje umphakathi unethuba lokubuyisela ikhansela noma ukufaka ikhansela elisha, lokhu sikubiza ngentando yeningi. 

Umangabe unesifiso sokukhethwa, ngebhadi wangakhethwa, ozomele ukwenze ukuthi welekelele laba abakhethiwe ungabalwisi ngoba uzobe usulwa nentando yeningi lena ezobe ikhethe lona osephakanyisiwe. Thina abanye asiqhubeke nokusebenzela umphakathi noma ngabe singenazo izikhundla, abanye bethu abagaqele zikhundla ngaphandle kokubona ushintsho emphakathini yethu. Okumele sikuqonde ukuthi ngeke sonke sibe amakhansela kodwa sonke kumele sisebenzele umphakathi, ngakho asiphume singadikibali sivotele abantu abazosebenza.

Kubhala uMthunzi Omnyama    

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 556 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 798 votes
Vote
Rand - Dollar
18.88
+0.3%
Rand - Pound
23.85
+0.2%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE