Share

Umbono woNyazi ngezitabane ufakazelwa yiBhayibheli

Durban - NgeSonto ngathola ucingo oluvela komunye wozakwethu ethi ubone isihloko seSolezwe wavele wacabanga mina..."UNyazi lusola izitabane ngesomiso". Lozakwethu uze wanezelela ngelithi "ngakungcono ukuba mhlambe lento ishiwo Ongangezwe lakhe hhayi uNyazi, liwunembe-bani kakade?"

Lento ingenze ngangabe ngisazihlupha ngokulufunda lolodaba. Kodwa ekujuleni kwenhliziyo yami ngisale ngizibuza ukuthi kazi yikuphi okuphambene okwenziwe wuNyazi! UNyazi lungumholi wenkolo, esuselwe kulo belu ibhayibheli.

Umbono wakhe usekwa yilo futhi ibhayibheli ngobutabane. Ngithi-ke ngoba nakhu izwe selaba-nje bese nilubeka izici uNyazi, luvunwa yiyo inkunz'emnyama emlomubomvu le iBhayibheli.

Lento ithi ayifane nalena eke yasusa umsindo kaMongameli wakuleli ukuthi uma ekhuluma ukhuluma egqoke ijazi leZwe noma leQembu elibusayo.

UNyazi njengomholi wezenkolo lifanele ukuphawula kanjena ngoba alinaso esinye isikhundla emphakathini ngaphandle kwesokuhola ibandla lakwaShembe. Kumele ngaso sonke isikhathi ashumayele izwi lebandla lakhe elivunwa yibhayibheli.

Lelibandla ligqame ngokuqhakambisa usikompilo lwesiNtu oludidiyelwe nemigomo kaJehova eshicilelwe ebhayibhelini. Ibhayibheli likubeka kucace ukuthi ubutabane abuhambelani nobunkulunkulu obuchazwa yibhayibheli.

Kusuka esinamathambo ke uma kuzobangwa lendaba ngoba amalungelo obuntu ashayisana mahlanze nebhayibheli.

Phakathi kwabantu abagxeka ukuphawula konyazi kukhona namakholwa abuza ukuthi “usavelaphi umuntu ocwasa izitabane kangaka”.

Incwadi kaLeviticus 18 ivesi 22 ikhuluma ngqo ngobutabane ibuhlaba ibuhlikiza. Kepha ngenxa yokugamanxa kwamalungelo abantu kushayisana mahlanze nenkolo, ngebhadi inkolo iyaguqa.

Ayikho inhlamba ngokuphawula koNyazi ngoba nebhayibhali liyakufakazela. Angazi abazalwane bafunda liphi ibhayibheli. Kungubuxoki kumakholwa ukuvuma ukuchithwa yimigomo kahulumeni nanxa esephikisana neBhayibheli.

Angisonti, ngibuka nje ngivele ngomfantu wesicabha ukuthi amakholwa anobuxoki uma kuziwa ngasembhalweni yebhayibheli acaphuna lapho ethanda khona.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Xhumana noNtshebe - sbmvula@gmail.com

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
40% - 218 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
60% - 325 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
-0.5%
Rand - Pound
24.02
-0.5%
Rand - Euro
20.51
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.6%
Platinum
900.15
+0.4%
Palladium
1,000.00
-0.2%
Gold
2,209.06
+0.7%
Silver
24.59
-0.2%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,122
+0.7%
All Share
74,310
+0.5%
Resource 10
56,908
+2.2%
Industrial 25
103,615
+0.3%
Financial 15
16,488
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE