Share

INGOSI: Ziyavulwa kusasa izikole umalume akadlalele kude no-polony wezingane

Durban - Seziyavulwa izikole, abazali kumele balungiselele izingane zabo ukuya esikoleni. Kuzo zonke izinto ezilungiswayo, ukudla kuyingxenye yezinto ezibalulekile.

Funda izindlela zokwenza izikhafuthini zibe mnandi ngaphandle kokuchitha imali eningi.

Abantu abaningi bayasaba ukuzama izinto ezintsha ngoba bacabanga ukuthi lokhu kuzodla kakhulu ephaketheni labo, kodwa cha.

Kwesinye isikhathi kumele ucabange ngezinto ezizosiza wonge imali kodwa uqhubeke nokujabulisa umndeni wakho.

Nawa amasu angakusiza:

-  Zijwayeze ukuthenga amakhombo emifino nezithelo, futhi kumele wazi izindawo lapho ongathenga khona izithelo nemifino ngamanani aphansi (emamakethe, ezitolo ezinkulu ezidayisa lolu hlobo lokudla kuphela)

- Thenga amakhombo ezinto eziyisitashi (amasaka empuphu, ilayisi, ubhontshisi, ufulawa, ushukela, usawoti)

- Thenga amajusi amaningi (u-24 ungawuthola ezitolo ezingamasuphamakethe noma uthenge izigubhu ezinkulu zika-jusi, ubisi, amasi i-yogathi)

- Akhona namakhombo ezinto ezifana no-polony, ushizi, iham nama-russian noma ama-vienna.

- Ungakhohlwa ukuthenga isaka lama-snacks, amaphakethe kaswidi, omoli kanye namashwamushwami.

- Thola amasu amasha ngokulandela le-link.

OLUNYE UDABA:‘Thengani ukudla okunempilo, yize amanani okudla enyukile’

Ukushintsha izinto ezincane kungenza umehluko omkhulu kuwe nasezinganeni zakho.

Ungathenga u-roti noma amabhanisi esikhundleni sesinkwa wenze ngakho amasamishi.

Akusiwona wonke umuntu onemali yesinkwa nsukuzonke, ukudla okusele ngayizolo ungakufudumeza kabusha wenze isikhafuthini.

Uma ubupheke inkukhu noma inyama ebovu, ukwengeza utamatisi, ukhukhumba kanye nenyama wenze isaladi.

Uma ubupheke i-mince meat, ungayigoqa ngo-roti ufake ushizi ngaphezulu ube nesamishi elimnandi.

 Wena yiziphi izindlela owenza ngayo ukuqinisekisa ukuthi unesikhafuthini esimnandi?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 977 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1013 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.89
-0.4%
Rand - Euro
20.53
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.47
-0.6%
Rand - Yen
0.12
-0.4%
Platinum
912.60
-0.8%
Palladium
1,014.00
-1.2%
Gold
2,332.67
+0.5%
Silver
27.34
+0.1%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE