Share

Siyakwamukela ukusula kukaManana kodwa icala kumele liqhubeke

Durban - USekela Ngqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, usesulile esikhundleni sakhe.

Lokhu kuqinisekiswe ngesitatimende esikhishwe ngoMgqibelo ekuseni bemubonga ngamagalelo akhe esikhundleni sakhe.

UManana usula esikhundleni sakhe kulandela isigameko sokushaya owesimame endaweni yokuqeda isizungu eCubana eFourways.

Ngemuva kwalesi sigameko, uManana wakhepha isitatimende exolisa ngalokhu okwenzeka.

OLUNYE UDABA:Livulelwe icala lokushaya owesifazane iPhini likaNgqongqoshe

“Ngifisa ukuxolisa ngokungenambandela ku-Ms Mandisa Duma, umndeni wakhe, uhulumeni waseNingizimu Afrika kanye nabantu bonke baseNingizimu Afrika, kanye nabesifazane ikakhulukazi, ngesigameko esenzeke eCubana restaurant eFourways ngempelasonto.

“Phezu kokuhlokolozwa okukhulu, bekufanele ngizibambe. Lesi sigameko esiyihlazo akumele siphinde senzeke. Ngiyazi ukuthi isenzo sami kanye nesabantu abebenami siphoxile futhi sahlukumeza abantu abaningi ezweni. Njengomholi bekufanele ngazi kangcono futhi ngenze kangcono.

“Ngiphinda ngiyazibophezela ngokuthi, uma ngabe isikhathi sesifanele, ngizophinde ngixhumane no-Ms Duma kanye nomndeni wakhe ukuze ngixolise, ngibhekane nokwenzekile futhi ngibhekane nokuhlukumezeka okwenzekile.

Izinhlangano ezimele amalungelo abantu zikwamukele ukusula kwakhe esikhundleni kodwa zivumelana ngokuthi umthetho kumele uthathe indawo yawo.

Abesimame abahlaselwa nguManana babe nengxoxo nabe-eNCA lapho baveze khona ukuthi basakhungathekile ngalokhu okwenzeka futhi yize exolisile, lokho akwanele.

"Ukuxolisa kukodwa akwanele, kumele aboshwe abhekane nengalo yomthetho ngalokhu akwenzile," kusho uDuma owahlaselwa wuManana.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 419 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 886 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE