Port Elizabeth – Kushiswe ibhilidi lakwamasipala ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho eKirkwood umphakathi ukhala ngezidingo ngoLwesibili, kusho amaphoyisa esifundazwe sase-Eastern Cape.
UWarrant Officer Basil Seekoei ube esenxusa abashayeli bezimoto ukuba bathathe eminye imigwaqo namalungu omphakathi ukuba agweme ukuhamba ngalapho bekuqhubeka khona umbhikisho.
OLUNYE UDABA: Ababhikishi bavale umgwaqo eGoli
Kuqalwe ukubhikisha ngoLwesibili ekuseni ngovivi, esho.
Kusetshenziswe inhlamvu zenjoloba ukuhlakaza leli qulu.
Amaphoyisa abeqaphe isimo kanti akukaboshwa muntu okwamanje.
Abakwamasipala abatholakalanga ukuba bephawule.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho