Johannesburg - Abantu ababulala onogada ababili namaphoyisa amabili ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabavukuzi eMarikana, ngonyaka ka-2012, kumele bavalelwe ejele, kutshelwa iKhomishana kaFarlam.
UXolani Nzuza ongomunye walaba ababehola isiteleka, utshele ikhomishana wathi kwamphatha kabi kakhulu ukubulawa kwabantu okwenzeka.
"Ngibuhlungu ngokubulawa kwamaphoyisa nonogada, kwakungamele kwenzeke okwenzeka. Kungangithoba ukubona abenzi bobubi bevalelwa ejele," kusho uNzuza.
Usho kanjena nje uNzuza, ikhomishana isanda kulalela ubufakazi bukaMr X, owathi wabe ekhona kubulawa onogada uHassan Fundi noFrans Mabelani.
UMr X, wathi abavukuzi babulala onogada, babacwiya nezitho zabo zomzimba ngoba zizosetshenziselwa ukuthaka umuthi.
Iphoyisa elethula ubufakazi, lachaza ngokwenzeka kubulawa ozakwabo uTsietsi Monene noSello Lepaku.
"Ngezwa kunuka isisi esikhalisa unyembezi, abavukuzi bavukela amaphoyisa," usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.