Johannesburg - Kudunwe imoto yowesifazane oneminyaka engu-31 ubudala ngesikhathi epaka imoto yakhe endaweni yaseStone Ridge Estate, eCenturion, enyakatho nePitoli wase ethunjwa, kusho amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Katlego Mogale uthe lo wesifazane uqondwe ngamadoda amabili emgwaqeni u-R55 amkhomba ngesibhamu ngoMsombuluko ebusuku, kubika abeRekord Centurion.
"La madoda abe esemtshela ukuba ahlale ngaphambili emotweni," kuqhuba uMogale.
OLUNYE UDABA: Iphephile ingane okudunwe imoto kamama iphakathi
Lo wesifazane utshele amaphoyisa ukuthi abaduni badle phansi bamshiye nemoto yakhe yohlobo lwe-BMW eTembisa, eGauteng ngesikhathi bebona amaphoyisa.
"Amaphoyisa ase-Olievenhoutbosch ayaphenya," kusho uMogale.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho