Durban - Umndeni othwele kanzima empilweni uthi ibisihlangene imali yezindleko zomngcwabo kodwa abafana beWoonga bayintshontsha yonke, kubike Daily Sun ngoLwesithathu.
Amalungu ebandla anikelele umndeni wakwaMnyandu ngemali ukuze kufihlwe uMfundisi uSiphiwe Mnyandu oneminyaka engu-47 ubudala.
Amalungu omndeni abesejabula ngoba umngcwabo ubusuzoqhubeka kahle, kodwa bavuke ngoMgqibelo imali ingasekho yonke!
“Akusebenzi muntu lapha ekhaya futhi asinawo umasingcwabisane,” kusho uZanele Mnyandu etshela iphephandaba.
Amalungu ebandla abesebathule umthwalo kanti abafana beWoonga bebenezinye izinhlelo.
“Ngivuke umakhalekhukhwini obephezulu kweBhayibheli ungasekho, ngaqalaza indlu yonke ngabona kumapeketwane, izinto zibheke phezulu,” kuqhuba uZanele.
Izigebengu zihambe nawo wonke u-R5 000 obekuzokhokhelwa ngawo ibhasi kanye nomgodi.
UColonel Jay Naicker utshele iPeople’s Paper ukuthi kuvulwe icala lokugqekeza esiteshini samaphoyisa KwaMakhutha.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho