Izitshudeni sezingene okwesithathu esitelekeni kusukela kwaqala unyaka, kanti into ezikhala ngayo kakhulu indlela u-NSFAS osebenza ngayo, kusho iSasco esitatimendeni.
I-NSFAS itshele izitshudeni ukuthi kumele zizikhokhele zona imali yokufunda ngoba lesi sikhwaba ngeke sikwazi ukuzinika uxhaso.
"Sikholelwa ekutheni ukukhuluma kanjalo kungukuphambuka ngoba iningi labafundi abatshelwe lokhu ngeke babe nayo imali ngenxa yokuthi baphuma emakhaya antulayo,” kuqhuba iSaspco.
OLUNYE UDABA: Kwengezwe ngezindlodla kweyakwa-NSFAS
ISasco ithe izohlangana ne-NSFAS ukuze “iyiphoqe” ukuba ihlangabezane nezimfuno zabafundi.
Ithi ukuziba izinkinga ngeke kuzenze zishabalale.
Kuthiwa imibhikisho yaqutshulwa ukuvela kombiko othi i-TUT yabuyisela emuva ku-NSFAS imali engu-R90 million, yathi abekho abafundi abadinga le mali.
I-TUT ayitholakalanga ukuba iphawule.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter