Johannesburg - Ukuhlaselwa kwabokufika kudalwe ukwehluleka kwethu ukuchaza ukuthi yatholakala kanjani inkululeko nokuthi ihambisana nani, kusho uMengameli uJacob Zuma ngoMsombuluko.
”Asizange sichaze ngomzabalazo wethu, ngandlela thize kumele sigxekwe ngalokho.”
“Asizange sichaze ukuthi obani abasisiza, sehlulekile, sonke ukuchaza ukuthi iyini inkululeko,” kusho uZuma ngesikhathi i-ANC igxeka izehlakalo zokuhlaselwa kwabokufika, kubika i-eNCA.
Funda nalolu daba: Kuyaphithizela emngceleni kugoduka abokufika.
UZuma uqhube wathi kudingeka siqale kabusha, “kumele sibumbane silungise umonakalo”.
UZuma uphinde wathi abantu bakuleli ababona ababulali, wathi: “Abenzi bokubi abamele thina.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.