Midrand - UCarl no-Aimee Pistorius, abalamana nomsubathi u-Oscar Pistorius baphumele obala bakhuluma ngobuhlungu nobunzima ababhekene nabo kusukela kwenzeka isehlakalo sokudutshulwa kubulawe intombi ka-Oscar uReeva Steenkamp.
USteenkamp wadutshulwa nguPistorius emzini wakhe osePitoli, isehlakalo senzeka mhlaka-14 Febhuwari 2013.
U-Oscar uphakathi kuka-Aimee noCarl – izelamani zikhulume nabezindaba ze-eNCA, zathi kuzokuba nzima kakhulu uma sekwehliswe isigwebo.
Laba babambe umhlangano oyinguyazama eBag End Guest House, eMidrand, bakhuluma ngokweseka kwabo umfowabo ozogwetshwa ngoLwesibili.
Funda: UMbuso ufuna agwetshwe engu-10 u-Oscar
“Kube wukhalo olunzima nolukhathazayo Kunzima ukeseka umuntu esehlakalweni esifana nalesi, awazi ukuthi kumele uthini futhi ulindele ini. Kunzima kumfowethu nasemndenini wakwaSteenkamp," kusho u-Aimee
UCarl uvumelane nodadewabo wathi: "Angeke saqagela ukuthi kuzothiwani kusasa, esingakusho wukuthi kube yizinyanga ezingu-20 ezingemnandi neze. Izinyanga ezingu-7 ezedlule, nazo zibe umqansa kodwa nakusasa sibheke ukuthi kube nzima."
Kubhekeke ukuthi uJaji uThokozile Masipa ehlise isigwebo ngo-09:30 kusasa ngoLwesibili.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.