Share

Abe-EFF baphinde baxoshwa ePhalamande

Cape Town – Umholi we-EFF uJulius Malema neSekela lakhe uFloyd Shivhambu baphinde baxoshwa ePhalamende ngemuva kokusola iSekela likaMengameli uCyril Ramaphosa ngokuba "negazi ezandleni zakhe".

Ngokubika kwezindaba ze-eNCA laba baholi baleli qembu baxoshwe nguSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ngoLwesithathu ntambama.  

Kubikwa ukuthi laba baholi banqabile ukuhoxisa amazwi athi u‘Ramaphosa unegazi ezandleni zakhe’ nokuholele ekutheni uMbete angananazi abaxoshe kule ndlu yombuso.

OLUNYE UDABA: UMbete usephinde waxwayisa i-EFF

Umbiko uphinde uveza futhi ukuthi ngesikhathi uShivhambu esephuma uvezele uRamaphosa umunwe ophakathi nendawo kubuka amanye amalungu ePhalamende.

Kuthiwa uRamaphosa ubephendula imibuzo ePhalamende ngokwesikhundla sakhe njengomholi wezamabhizinisi kahulumeni.

Kuvela ukuthi uchaze isigameko saseMarikana njengesidabukisa kakhulu futhi angafisi siphinde senzeke.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi kuphazamiseke ukusebenza ePhalamende njengoba sekuke kwaxoshwa wonke amalungu e-EFF phambilini ngesikhathi uMengameli Jacob Zuma ezophendula imibuzo, kanti izolo iqembu eliphikisayo namanye adubile aphume ngesikhathi kudingidwa elokugudluzwa kukaMbete esikhundleni sikaSomlomo.


    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
36% - 8 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
64% - 14 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE