Johannesburg - Inhlangano ebhekele ezokusakazwa iFilm and Publication Board (FPB) kulindeleke ukuthi inqume noma uyahlambalaza yini umbukiso ngoMengameli uJacob Zuma omveza uziphu webhulukwe lakhe uvulekile ubuntu bakhe bungaphandle.
"Abacwaningi bethu bahambele isikhungo ekuqhubeka kuso umbukiso. Simatasa siyacubungula sihlanganisa umbiko ozodedelwa kungekudala," kusho okhulumela i-FPB uPrince Mlimandlela Ndamase.
Umbukiso wakwaGoodman Gallery, ugxekwe yizinhlaka eziningi ezihlanganisa uhulumeni, izinyunyana, umndeni kaZuma kanjalo noZuma uqobo.
Umbukiso uhlambala zonke umhlali wakuleli laseNingizimi Afrika, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa uJeff Hadebe.
Inhlangano yosomabhizinisi iBlack Management Forum ithi umbukiso lona awubukeki, ithi uhlambalaza isithunzi sikamengameli wezwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).