UVan Breda kuthiwa unenkunzimalanga yengozi ekhanda nangasemahlombe.
Izidumbu zoMartin van Breda, 54, Teresa, 55, noRudi, 22, zitholakale endaweni yomntakabani iDe Zalze Golf Estate, eStellenbosch, ngoLwesibili ekuseni.
OLUNYE UDABA: Kuhlaselwe kwabulawa umndeni ngovivi
Okhulumela iVergelegen Mediclinic, uCarla Hanekom, utshele iNews24 ukuthi isimo sikaMarli sibucayi kepha siyathembisa.
UHanekom uphinde wakhuluma neTimes wathi akekho ovumelekile ukubona uMarli, “ngisho izihlobo ezisondelene naye”.
Uthishanhloko waseSomerset College, uMeg Fargher, uchaze uMarli njengengane “ethandekayo futhi ehlakaniphile”.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter