"U-TB Joshua akumele avunyelwe ukuba angene kuleli kuze kube uchaza kabanzi ngokwenzeke ebantwini bakithi ebandleni lakhe,” kusho okhulumela le nhlangano uBandile Masuku esitatimendeni.
"Sizoqinisekisa ukuthi sixoxisana noMnyango wezokuXhumana kwamaZwe ukuthi lo mphrofethi anganikezwa imvume yokungena kuleli.”
OLUNYE UDABA: Sinyukile esabashone kwelika-TB Joshua
Babalelwa ku-115 abantu abashona, okubalwa nabangu-84 bakuleli, ngesikhathi kuwa ibhilidi elihlala izivakashi elixhumene neSynagogue Church of All Nations, eholwa nguJoshua.
Isibhicongo lesi senzeka ngoSepthemba 12.
Kuthiwa babalelwa ku-350 abantu bakuleli ababehambele leli bandla elise-Ikotun ngaseLagos, ngaleso sikhathi.
UJoshua uzwakalise ukuthi uzoza kuleli azohlangana nemindeni elahlekelwe nalabo abalimele.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter