Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma kumele axoshe esikhundleni uKhomishana wamaPhoyisa omisiwe uBheki Cele, kusho iqembu eliphikisayo.
Imibiko yabezindaba ithi ibhodi eyabe iphenya ngoCele ithole ukuthi ukhomishana akafanelwe ukuphatha isikhundla sakhe.
"Ibhodi ithole ukuthi uCele akafanelwe yisikhundla asiphethe, kumele uMengameli uZuma enze okuthize ngokushesha, kumele asuse uCele esikhundleni," kusho isikhulu seDA uDianne Kohler-Barnard.
UZuma wamisa uCele ngenyanga ka-Okthoba ngonyaka ka-2011.
Phambilini umkhulumeli kaCele, uVuyo Mkhize utshele abezindaba zephephandaba i
Witness wathi uCele uzosebenzisa konke anakho ukuzama ukuphikisa ukusho kwebhodi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).