Johannesburg - Lowo owayeyintombi kaNkululeko “Flabba” Habedi, uSindisiwe “Sindi” Manqele, kubikwa ukuthi akaziwa ukuthi ukephi njengoba engayanga ukuyobhala izivivinyo zakhe eGriffith College eDublin, ezweni lase-Ireland.
Nakuba engaziwa ukuthi ukephi, kubikwa ukuthi izimpahla zakhe zisaseDublin, zigcwele uthuli.
Umthombo ose-Ireland uthe uSindi sekuphele isikhathi eside agcina ukuxhumana nabangani bakhe, umuntu ake waxhumana naye yisoka lakhe elidabuka eNigeria.
Funda nalolu daba: Kuphelile phakathi kwami noDonald - Pearl
“NgoMsombuluko siqalile ukubhala izivivinyo zethu kodwa ubengekho yena.”
Omunye umthombo osondelene nalolu daba uthe ukhathazekile ngoSindi.
“Ngenyanga edlule sezwa ukuthi waxhumana nesoka lakhe naseNigeria elicela ukuba limthumelele izimpahla zakhe eMzansi , kodwa lanqaba.”
“Selokhu sezwa ngesehlakalo [ sokubulawa kukaFlabba] asazi ukuthi ukephi manje.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.