Durban - UNdunankulu waKwaZulu-Natal uthi uhulumeni wesifundazwe uzosheshisa amalungiselelo e-21st International Aids Conference ehlelelwe ukuba ibanjelwe eThekwini ngo-2016, kusho kusho iHhovisi likaNdunankulu ngoMsombuluko.
"Ngithanda ukuzwakalisa ukujabula kuhulumeni waseNingizimu Afrika oholwa uMhlonishwa u-J.G Zuma kanye nasemazweni omhlaba ngokuphinde bakhombise ukuyithemba indawo yethu ukuba ingakwazi ukusingatha le ngqungquthela ngo-2016,” kusho uMnyango esitatimendeni.
UMnyango uphinde wathi lesi sifundazwe siyathembisa ukuthi sizoyisingatha ngempumelelo le ngqungquthela.
Ube usucela bonke ababambe iqhaza – abamele ezempilo, imiphakathi, ezemfundo nabaholi bomdabu kanye namaqembu ezombusazwe ukuba basebenzisane nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zihamba ngendlela.
"Kubalulekile futhi ukuthi sisebenzise uhlelo iProgramme of Action ngoba ukhalo esesiluhambile ekulwisaneni ne-HIV ne-Aids luzobonakala ngo-2016 uma umhlaba wonke usebhekise amahlelo lapha KwaZulu-Natal," kusho isitatimende.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.