Durban - Iqembu Inkatha Freedom Party KwaZulu-Natal selidalule ukuthi kumele lungenelelwe udaba lothisha abangazazi izifundo abazifundisayo.
I-IFP izobhalela usihlalo wekomidi lezemfundo yamabanga aphansi ngenhloso yokuba kubhekwe izindlela okungafundiswa ngazo izibalo,” kusho ilungu le-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uThembeni kaMadlopha-Mthethwa ngoLwesithathu.
NgoMsombuluko, iphephandaba iThe Star libike ukuthi ngesikhathi kuhlolwa othisha abangu-253 KwaZulu-Natal ngenhloso yokuthola ukuthi bazazi kangakanani izibalo abazifundisayo, iningi alenzanga kahle.
Othisha bezibalo babhale iphepha lokuhlolwa likamatikuletsheni kanti iningi labo lithole u-57%, abanye bathole ngaphansi kuka-39%.
Izinga lobunzima bemibuzo belihlukene amazinga amane, izinga lesine yilona elalinzima kakhulu.
Iningi lothisha lathola u-26% ezingeni lesine elalinemibuzo enzima.
UMthethwa uqhube wathi: "kubalulekile ukuba izinga lokufundisa libe phezulu ngoba lokho kungaholela ekutheni nezinga lemfundo lenyuke, futhi sekumele kube yinto eyenziwa njalo ukuba kuhlolwe othisha KwaZulu-Natal," usho kanje esitatimendeni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.