Johannesburg - Umthetho iFirearms Control Act, kumele ucutshungulwe kuze kuzoliwa nokwanda kwezibhamu ezingekho emthetwheni kuleli, kusho uMkhulumeli weqembu elibusayo uZizi Kodwa.
"Sekufike isikhathi sokuthi kubuyekezwe imithetho ngokukhishwa kwezibhamu kuleli,"kusho uKodwa etshela aberzindaba ePhalamende.
Funda nalolu daba: Kuboshwe 2 kudutshulwana namaphoyisa
"I-ANC icela kushaqwe zonke izibhamu ezingekho emthethweni emiphakathini yethu."
Ukusho kukaKodwa kuza ngemuva kokudutshulwa kubulawe ukaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa, nokudusthulwa kwelungu lePhalamende eqenjini le-ANC, uJackson Mthembu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.