Johannesburg - Ukwehluleka kukaBrickz ukuyonandisa e-UK akuhlanganise lutho nokuhlaselwa kwabokufika okubonakale kwenzeka kuleli laseNingizimu Afrika!
ISunday Sun ngeSonto ibike ukuthi lesi sihlabani somculi sinqatshelwe ukuba sihambele phesheya kwezilwandle – ngenxa yecala asabhekene nalo.
Lokhu kungemuva kwamahlebezi abethi uSipho Ndlovu odume ngelikaBrickz, usatshiswe abantu base-Afrika abahlala e-UK abathe bafuna ukuziphindiselela njengoba kuhlalwe abokufika kuleli.
Funda nalolu daba: OweKwaito udinwe uyaveva ngokungaqokwa uMnyango
Abasondelene nalesi simo bathi bekucashwa ngodaba lokuhlaselwa kwabokufika.
Omunye walabo uthe: “UBrickz bekumele ayephesheya kwezilwandle kodwa iNational Prosecuting Authority (NPA) yangamvumela ukuba alibhekise eLondon ngenxa yecala asabhekene nalo.
Kuthiwa abamvumelanga ngoba besabela ukuthi angase ahambe angaphinde abuye.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.