Cape Town - UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini, unxuse izithunywa zase-Afrika kwi-United Nations (UN) ukuba ziyeke ukulaxaza amalungelo abantu ngenxoso yezokuthuthukisa umphakathi waphinde wayichitha imibono ethi amanye amalungelo abantu ayacasula ngoba angawasemazweni aseNtshonalanga.
UDlamini uyingxenye yethimba elisemhlanganweni we-UN okuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi engqungqutheleni i-International Conference on Population and Development kudingidwa nangezimvo zoHulumeni base-Afrika okwavunyelwana ngazo emhlanganweni owawuse-Addis Ababa, kubika iSABC.
Funda nalolu daba: Bafuna kuphenywe ngezigidi ezithunyelwe e-SA.
Kwavunyelwana ngokuthi wonke amazwe abeke equlwini udaba lokulingana ngokobulili, ukuqinisekisa ukuthi umhlaba wonke uyaluthola usizo lwezempilo, ukuthuthukiswa kwabesifazane, izingane kanye nentsha.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.