Johannesburg - UNobhala Jikelele weCongress of South African Trade Unions (Cosatu) uZwelinzima Vavi uthi umfelandawonye ngeke ukwazi ukuqhubeka izinto zimapeketwane kanje.
Uphinde wathi umhlangano wayo mayelana nodaba lweNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), awuzange uphume nazisombululo, kubika i-Eyewitness News.
Kudingeke ukuthi lo mhlangano uhlehliselwe inyanga ezayo, ngemuva kokuthi bese kusele kancane ukuthi kuyiwe evotini ngokuxoshwa kweNumsa.
OLUNYE UDABA: Kade ngangixolisa - Vavi
Lo mhlangano uphinde wamukela umbiko owahlanganiswa yithimba elajutshwa yi-African National Congress (ANC).
UVavi uthi amadlalandawonye avumile ukuthi lo mhlangano uhlehliswe.
“Asikwazanga ukuphothula izinkulumo ngenxa yokuthi lolu daba lubucayi kakhulu. Kubalulekile ukuthi siqale sicubungule kahle izinto ngaphambi kokubuyela ezingxoxweni.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho