Johannesburg - Imibiko yaphambilini ebithi intombi ebibhanqe isoka layo nenye indoda inamathelene neshende ngesikhathi bezitika ngocansi, ngemuva kokuba indoda imfakele umuthi, ayiyona insumansumane.
Yize kungeke kwaqinisekiswa ukuthi banamatheliswa umuthi kodwa kungaqinisekiwa ukuthi zikhona izigameko ezifuze lezi.
E-United Kingdown abalaleli ababili besiteshi se-BBC baqinisekise ukuthi akusiyo insumansumane ukunamathelana kwezithandani uma zenza ucansi.