Johannesburg - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngeSonto awazange acacise mayelana nokuthi ngabe isithunyeliwe yini incwadi egunyaza ukuboshwa kwendodana endala kaMengameli uJacob Zuma, u-Edward, ngecala lesondlo.
"Sizokwazi kusasa (ngoMsombuluko) ukubhekana nalolu daba,” kusho uMajor Thulani Zwane.
ISunday Independent ibike ukuthi kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kuka-Edward Zuma, 39, okuthiwa uyehluleka ukondla ingane yakhe.
U-Edward Zuma kuthiwa futhi sekukukaningi ebizelwa enkantolo kodwa
engaphumeleli.
Funda nalolu daba: Indida ngemoto ethengelwe uMalema ngephutha.
Kuthiwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yakhishwa ngoJuni 23 ngonyaka odlule yiNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu.
UZwane utshele iphephandaba ukuthi amaphoyisa ayaphenya mayelana nokuthi ngabe incwadi yokuboshwa kwakhe yathunyelwa yini esiteshini sampahoyisa saseDurban North lapho kuhlala khona indodana kaMengameli.
U-Edward Zuma kuthiwa ukuthi utshele iSunday Independent ukuthi
akazi lutho yena ngencwadi yokuboshwa kwakhe nokubizelwa enkantolo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.