Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo kumele aphenye uMnyango wezeMfundo kulandela ukutholakala kwezinye izincwadi ezilahliwe.
Lokhu kushiwo yiDemocratic Alliance ngoLwesibili, ngemuva kokuvela kokuthi kutholakale ezinye izincwadi zilahliwe.
"Wumnyango uqobo oqoka abantu abazonikwa umsebenzi wokusabalalisa izincwadi, kumele kuphenywe uma sekuzotholakala izincwadi ezilahliwe,” kusho okhulumela i-DA esifundazweni uDesiree van der Walt.
"Kuyathusa futhi kuyathuthumelisa ukuthi kukhona abantu abalahla izincwadi zabafundi.”
Amaphoyisa athe zingaphezu kuka-5 000 izincwadi zesikole ezitholakale zilahliwe eMajeje, ePhalaborwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).