Johannebsurg - “Lo msebenzi ungakuhlanyisa uma ungaziniki isikhathi sokuzipholela nabantu,” kusho umholi we-EFF uJulius Malema etshela iDaily Sun.
Lo mholi we-EFF uzwakalise ukuthi yena uyathanda ukuzipholela nabantu basemalokishini, wathi: “ Nginenkinga nama-restaurant. Ngiwabona njengawabantu abayizigwili,” kusho uMalema.
“Ngiyathanda elokishi ngoba yilapho othola khona abantu bangempela.”
Funda nalolu daba: Uswazi oluncane kowashiya ingane kuthelawayeka.
Abantu baselokishini abazenzisi. “Uma bengakuthandi, bayakutshela kanti noma bekuthanda uyazibonela.”
“Angithandi futhi ukuzikhipha ngoba abantu bangithathisa okosaziwayo, okuyinto engingayithandi,” usho kanje.
UMalema uthanda ikwaito, i-hip hop kanye ne-house music, kodwa uyawuzonda umculo we-jazz.
UMamela uthe uyakuthokozela ukuba yindoda eshadelwe futhi uselangazelele ukuba nezingane. U
Ungathola ingxoxo ephelele kaMalema kwiDaily Sun.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.