Durban – Akubona bonke abantu abasale bejabule ngokuhambela kukaMengameli uJacob Zuma eMgungundlovu ngoLwesibili.
DUhambo lwakhe lwaseMbali, obeluyingxenye yezimbizo zehhovisi likamengameli, aluwenzanga umehluko ezimpilweni zentsha, kanye nabesilisa abangasebenzi.
Iqeqebana lamadoda ebelihleli eceleni komgwaqo, belizibukela nje uZuma ebingelelwa ngapha nangapha, abantu bejabulela ukuba khona kwakhe kule ndawo.
Yimuphi umehluko ozolethwa ukuhambela kwakhe lapha” Silambile. Namanje asisebenzi. Sekuphele iminyaka engu-20 sathola intando yeningi kodwa namanje awukho umehluko, sithwele kanzima,” kusho uSbonelo Jali, 20.
Funda nalolu daba: Ulindelwe ngabomvu uZuma eKZN.
U-Andile Ngcobo, 28, yena utshele iDaily News ukuthi selokhu aqeda ibanga leshumi ngo-2008 akaze asebenze.
UNgcobo uthe kuvele kuthi akahlanye uma ezwa indaba yokuthi kwasetshenziswa izigidi kulungiswa umuzi kaZuma oseNkandla, kubika iDaily News.
“Le mali kwakumele isetshenziselwe ukuthuthukisa imiphakathi futhi isize nabantu abafana nami ukuba bathuthukise imfundo yabo,” kusho uNgcobo.
“Ukuza kukaZuma lana ngelanga elilodwa ashiye amaphasela okudla ngeke kusize muntu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.