Johannesburg - Umfana oneminyaka engu-15 ubudala udutshulwe wabulawa ngesikhathi kunokuhilizisana namaphoyisa ngemuva komdlalo womjaho wezimoto ongekho emthethweni eThekwini ngoMgqibelo, kusho amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe amaphoyisa abebizwe umphakathi obukhala ngabantu abebejahana beshaya ‘izidudla’ erenki yamatekisi eNanda.
Izinsolo zithi abantu abalinganiselwa kwabangu-200 – okubalwa kubona abebeshayela izimoto kanye nezihlwele - bahlasele amaphoyisa.