Durban – UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uWillies Mchunu, uthi udangele ngokushona kowesilisa, 23, okusolakala ukuthi ubulawe yiphoyisa eClermont.
Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngeSonto ebusuku.
Iminingwane ngokwenzeka ngalolu suku ayikacaci kahle, kanti kuyaphenywa ngayo.
Imibiko ekhona ithi uLindokuhle Mtolo wayehamba nabangani bakhe beya esitolo ngeSonto ebusuku ngesikhathi bebona imoto yamaphoyisa.
Kusolakala ukuthi uMtolo wabe esekhomba amaphoyisa ngesibhamu, iphoyisa elalizivikela, lamdubula esifubeni.
OLUNYE UDABA: UMchunu udumele ngokubulawa kowesilisa ehostela
Amaphoyisa abe esephuthumisa uMtolo esibhedlela kepha washonela endleleni.
“Kuyadabukisa ukuthi uMtolo ulahlekelwe yimpilo yakhe ngale ndlela. Sithanda ukunxusa umphakathi ukuthi wehlise amaphaphu njengoba kusaqhubeka uphenyo.
“Sicela iziphathimandla zamaphoyisa ne-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ukuba baqhube uphenyo ukuze kuvele iqiniso.
“Sicela noma ngabe ngubani onolwazi ukuba axhumane nezikhulu ngokushesha,” kusho uMchunu.