Cape Town – Owesifazane waseKapa usale ethuthumela futhi ehlazekile ngemuva kokuba iphoyisa ebelimsesha limphoqe ukuba akhumule ibhulukwe aze akhiphe ngisho ne-pad esendimeni.
UJanine Mahabeer, 21, wase-Athlone, utshele iCape Argus ukuthi yena nesoka lakhe, uBruce Meyer, bebehamba ngemoto ngesikhathi bemiswa amaphoyisa kuKoodoo Street ngezithuba zabo-16:00 ngoLwesine olwedlule.
Uthe iphoyisa lesilisa lacela ilayisense esokeni lakhe ngemuva kwalokho lathi aliphume emotweni.