Johannesburg - AbeSiyabona Africa Nature bakhiphe amathiphu azokusiza uma uhlangana nenyoka noma yikuphi.
Uma usehlathini kubalulekile ukuthi ungayithathi, ungayijoji noma uyisukele inyoka noma ngabe ibukeka sengathi ifile ngoba kukhona izinyoka ezikwaziyo ukuzenza ezifile ezifana nohlobo lweRinkhals.
Uma ubona inyoka ungasondeli kuyo. Uma kwenzeka uyinyathela ngephutha kufanele uhlehle ngokushesha.