Johannesburg – Umndeni womfana, 5, owagwazwa abantu abaduna ubaba wakhe imoto eBoksburg, uthi le ngane ingase ibuyele ekhaya kulandela ukuhlala isonto lonke egumbini labagula kakhulu.
Ubaba wale ngane wadunwa imoto amadoda amathathu eSunward Park, ngeSonto eledlule.
Izigilamkhuba zamjikijela ngaphandle kwemoto zase zibaleka nendodana yakhe.
OLUNYE UDABA: Kugwazwe kwabulawa umfana 16 kubangwa intombi
Umfanyana lo watholakala esegwaziwe ngasendaweni okulahlwa kuyo udoti eseceleni kwemoto yakubo.
Umkhulu wengane uDanie Venter uthe: “Welulama kahle kakhulu umzukulu wami, usephumile nasegumbini labagula kakhulu.”
Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko kanti akukaboshwa muntu ngaso.