"UCommander-in-Chief angeke neze axolise futhi i-EFF iyameseka" kusho umkhulumeli weqembu uMbuyiseni Ndlozi ethi kudala sasibukelwa phansi isithunzi somuntu omnyama.
Funda nalolu daba: Malema - Ngangizama ukukhuza ibhoklolo
"Icala leli liyimizamo yokuvikela imikhuba yokucwasa ngokwebala, nabacwasayo. Wudaba lwabathile abamhlophe abazama ukuvikela imikhuba yabo yokucwasa."
Indoda yaseLimpopo uCassie Moller, uvule icala lokushaywa, ukucwaswa kanjalo nokwesatshiswa, ethi kwenziwa uMalema ngesikhathi behlangana kwaSteers, eTzaneen, mhlaka-6 Agasti.
"Ngangimile ngibheke phambili, ngezwa ngomuntu engishaya ngemuva kwathi ma ngiphenduka kunomuntu omi eduze nami wangibuza ukuthi ngicabanga ukuthi ngingubani," kusho isitatimende sikaMoller esifundwe ngu-Ernst Roets, we-AfriForum.
UMoller uthi uMalema wambiza ngebhunu.
"Wayememeza ethi asiphume, waphinde wangibiza ngebhunu."
UMoller uthi iphutha lakhe kwaba ukubuza kubathengisi ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside ukuthi banikwe ukudla abakuthengile.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.