"Ngizizwile lezi zinsolo ezibhekiswe kumina zokuthi ngiyimpimpi, ngikhohlakele nokuthi ngibulala abantu. Okokuqala, akengisho ukuthi, angiqathakanga ezulwini," usho kanje kwabezindaba.
Uphinde wathi yena waba yilungu le-African National Congress, waba ngumholi wesifunda wase waba nguNgqongqoshe ngaphambi kokuba uNdunankulu wesifundazwe futhi abenguSihlalo kaKhongolose.
OLUNYE UDABA: Ulale ebaliwe obakha elokubulala undunankulu
"Zonke lezi zinsolo bezingekho kodwa zibe khona ngesikhathi sengiwuNdunankulu, ngangingakwazi nokuhlala phansi; iMpumalanga ivele yavutha amalangabi, yingoba ngangiwusihlalo we-ANC."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho