Share

Anginalo noluncane uvalo - Malema

Polokwane - Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema usetshele izinkumbi zabalandeli bakhe abebehlangene ePolokwane, wathi uzimisele ukumelana necala abekwe lona lenkohlakalo nokukhwabanisa.

"Ngicele ukuhlukaniswa nabanye ababekwe amacala, ngicele ukushushiswa ngingedwa. Uma abanye bengazimisele, mina ngimi ngomumo," kusho uMalema.

Icala likaMalema nozakwabo lihlehliselwe umhlaka-3 Agasti, 2015.

Funda nalolu daba: Inhlokomo kutheleka uMalema

Laba babekwe amacala angu-52 ahlanganisa nowokusabalalisa imali ngokungekho emthethweni. Ngenyanga kaMashi, inkantolo yachitha amacala ayebekwe usomabhizinisi uSelbie Manthatha, unkosikazi wakhe uHelen Moreroa kanye nomfowabo uMakgetsi Manthatha.

Laba kuthiwa abalandelanga imigudu efanele ngesikhathi befaka isicelo sethenda ka-R52 million, yoMnyango wezokuThutha eLimpopo.

UMbuso uthi uMalema wahlomula kakhulu kulethenda, wakwazi ukuthenga ipulazi nemoto yohlobo lweMercedes-Benz.

Ngemuva kokungena kwecala, uMalema uphume wakhuluma nabalandeli bakhe ababambe umlindelo ngoMsombuluko ebusuku.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 418 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 880 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE